20. Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo,bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.
21. Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo,lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?
22. UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi,yena owahlulela abaphakemeyo, na?
23. “Omunye ufa esemi kahle kukho konke,ezinzile, enokuthula.
24. Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha;umnkantsha wamathambo akhe umanzi.
25. Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,engazange adle okuhle.
26. Balala phansi othulini kanyekanye;izimpethu ziyabasibekela.
27. Bhekani, ngiyazi imicabango yenu,namacebo enu eniyakungona ngawo.
28. Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,liphi itende lokuhlala kwababi, na?’
29. Anibuzanga abadlula endleleni,nibazi ubufakazi babo
30. bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswanokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?
31. Ngubani oyakumtshela indlela yakhe ebusweni bakhe?Ngubani oyakumphindisela ngalokho akwenzileyo na?
32. Uyayiswa ethuneni, kulindwe elibeni.