1. Wayesephendula uJobe, wathi:
2. “Yizwani nokuzwa amazwi ami;lokhu makube yinduduzo evela kini.
3. Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume;nalapho sengikhulumile, klolodani.
4. “Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na?Ngingekhathazeke na?
5. Ngibukeni, nimangale,nibeke izandla emilonyeni yenu.
6. Lapho ngikhumbula nje,ngishaywa luvalo;ukwesaba kubamba inyama yami.
7. Ababi baphilelani,baze babe badala,yebo, bakhule emandleni, na?
8. Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo,nabantwana babo phambi kwamehlo abo.