Ujobe 21:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesephendula uJobe, wathi:

2. “Yizwani nokuzwa amazwi ami;lokhu makube yinduduzo evela kini.

3. Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume;nalapho sengikhulumile, klolodani.

4. “Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na?Ngingekhathazeke na?

5. Ngibukeni, nimangale,nibeke izandla emilonyeni yenu.

6. Lapho ngikhumbula nje,ngishaywa luvalo;ukwesaba kubamba inyama yami.

7. Ababi baphilelani,baze babe badala,yebo, bakhule emandleni, na?

8. Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo,nabantwana babo phambi kwamehlo abo.

9. Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe;uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.

10. Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi;inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.

Ujobe 21