Ujobe 20:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Uyakundiza njengephupho,angabe esafunyanwa;uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.

9. Iso elalimgqolozela alisamboni,nendawo yakhe ayisamboni.

10. Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu,izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.

11. Amathambo akhe agcwele ubusha,kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.

12. “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,

Ujobe 20