Ujobe 20:7-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe;abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’

8. Uyakundiza njengephupho,angabe esafunyanwa;uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.

9. Iso elalimgqolozela alisamboni,nendawo yakhe ayisamboni.

10. Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu,izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.

11. Amathambo akhe agcwele ubusha,kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.

12. “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,

13. noma ebugodla engabushiyi,kepha ebugcina emlonyeni wakhe,

14. kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe,kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.

15. Ugwinyile ingcebo;uyakubuye ayihlanze;uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.

16. Uyakumunca isihlungu samabululu;ulimi lwenyoka luyakumbulala.

17. Akayikubuka imifula,iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.

18. Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi;ngempahla ayitholileyo akayikujabula.

19. Ngokuba ucindezele,washiya abampofu;uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.

20. “Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe;kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.

21. Akusalanga lutho angaludlanga;ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.

22. Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa;izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.

23. Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe,uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe,akunise phezu kwakhe esekudleni.

24. Uyabalekela isikhali sensimbi,kepha ubhotshozwa ngumnsalo wethusi.

25. Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe;nxa uphuma unyampuza enyongweni,abesehlelwa yingebhe.

Ujobe 20