Ujobe 20:12-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,

13. noma ebugodla engabushiyi,kepha ebugcina emlonyeni wakhe,

14. kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe,kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.

15. Ugwinyile ingcebo;uyakubuye ayihlanze;uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.

16. Uyakumunca isihlungu samabululu;ulimi lwenyoka luyakumbulala.

17. Akayikubuka imifula,iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.

18. Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi;ngempahla ayitholileyo akayikujabula.

19. Ngokuba ucindezele,washiya abampofu;uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.

20. “Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe;kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.

21. Akusalanga lutho angaludlanga;ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.

22. Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa;izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.

23. Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe,uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe,akunise phezu kwakhe esekudleni.

24. Uyabalekela isikhali sensimbi,kepha ubhotshozwa ngumnsalo wethusi.

25. Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe;nxa uphuma unyampuza enyongweni,abesehlelwa yingebhe.

26. Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe;umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla,uchithe okusele etendeni lakhe.

27. Izulu liyakwambula ububi bakhe,umhlaba umvukele.

28. Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka,inyamalale ngomuhla wentukuthelo.

29. Lesi siyisabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu,nefa alinqunyelweyo nguNkulunkulu.”

Ujobe 20