Ujobe 20:12-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,

13. noma ebugodla engabushiyi,kepha ebugcina emlonyeni wakhe,

14. kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe,kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.

15. Ugwinyile ingcebo;uyakubuye ayihlanze;uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.

16. Uyakumunca isihlungu samabululu;ulimi lwenyoka luyakumbulala.

17. Akayikubuka imifula,iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.

18. Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi;ngempahla ayitholileyo akayikujabula.

Ujobe 20