Ujobe 20:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesethatha uSofari umNahama, wathi:

2. “Ngalokho imicabango yami iyangiphendulangenxa yokushesha okuphakathi kwami.

3. Ngiyezwa insolo engihlazisayo,kepha umoya wasengqondweni yami uyangiphendula.

4. “Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo,selokhu abantu babekwa emhlabeni,

5. ukuthi ukujabula kwababi kufushane,nokuthokoza kwabangenaNkulunkulukungokokuphazima kweso nje, na?

Ujobe 20