1. Wayesethatha uSofari umNahama, wathi:
2. “Ngalokho imicabango yami iyangiphendulangenxa yokushesha okuphakathi kwami.
3. Ngiyezwa insolo engihlazisayo,kepha umoya wasengqondweni yami uyangiphendula.
4. “Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo,selokhu abantu babekwa emhlabeni,
5. ukuthi ukujabula kwababi kufushane,nokuthokoza kwabangenaNkulunkulukungokokuphazima kweso nje, na?
6. Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini,nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,
7. uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe;abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’
8. Uyakundiza njengephupho,angabe esafunyanwa;uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.
9. Iso elalimgqolozela alisamboni,nendawo yakhe ayisamboni.
10. Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu,izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.
11. Amathambo akhe agcwele ubusha,kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.
12. “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,
13. noma ebugodla engabushiyi,kepha ebugcina emlonyeni wakhe,
14. kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe,kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.
15. Ugwinyile ingcebo;uyakubuye ayihlanze;uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.
16. Uyakumunca isihlungu samabululu;ulimi lwenyoka luyakumbulala.
17. Akayikubuka imifula,iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.