18. Yebo, nezingane ziyangidelela;uma ngivuka, zikhuluma ngami.
19. Ababeyizifuba zami bayanengwa yimi;labo ababengithanda sebengifulathele.
20. Amathambo ami anamathelaesikhumbeni sami nasenyameni yami;ngisinde ngokulambisa kuphela.
21. Ngihawukeleni, ngihawukeleni,nina bangane bami,ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
22. Ningizingelelani njengoNkulunkulu,ningasuthi ngenyama yami na?
23. “Sengathi amazwi ami angalotshwa!Sengathi angabhalwa encwadini,
24. aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu,kuze kube phakade!
25. Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;ekupheleni uyakuma othulini.
26. Nalapho sesishabalele isikhumba sami,ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami,
27. engiyakumbona uqobo lwami;amehlo ami ayakumbona,kungabi njengomfokazi;okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami.
28. Uma nithi: ‘Siyakumxosha yini pho!njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi,’