1. Wayesephendula uJobe, wathi:
2. “Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami,ningiphohloze ngamazwi, na?
3. Seningihlazisile kayishumi;aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?
4. Uma impela ngidukile,ukuduka kwami kukimi ngedwa.
5. Uma impela niyazikhukhumezela kimi,niphikisane nami ngehlazo lami,
6. yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele,ungihaqe ngenetha.
7. Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’Kepha angiphendulwa;ngicela ukusizwa,kodwa akukho ukwahlulelwa.