Ujobe 19:1-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesephendula uJobe, wathi:

2. “Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami,ningiphohloze ngamazwi, na?

3. Seningihlazisile kayishumi;aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?

4. Uma impela ngidukile,ukuduka kwami kukimi ngedwa.

5. Uma impela niyazikhukhumezela kimi,niphikisane nami ngehlazo lami,

6. yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele,ungihaqe ngenetha.

7. Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’Kepha angiphendulwa;ngicela ukusizwa,kodwa akukho ukwahlulelwa.

8. Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula;ubeka ubumnyama emikhondweni yami.

9. Ungikhumulile udumo lwami;ususile umqhele ekhanda lami.

10. Ungidilizile nxazonke, sengimukile;usiphulile ithemba lami njengomuthi.

11. Ungivuthisele intukuthelo yakhe,wangishaya njengezitha kuye.

12. Amabutho akhe afika kanyekanye,alungise indlela ukuba angisukele;amisa nxazonke zetende lami.

13. “Udedisile kimi abafowethu,nabazana nami sebahlukene impela nami.

14. Izihlobo zami zingishiyile,nengazana nabo bangikhohliwe.

15. Abagogobele endlini yaminezincekukazi zami bangishaya umfokazi;ngingowezizwe emehlweni abo.

16. Ngibiza inceku yami,kayingiphenduli;ngiyayinxusa ngomlomo wami.

17. Umoya wami mubi kumkami,ngiyanuka kubantwana besisu sikamame.

18. Yebo, nezingane ziyangidelela;uma ngivuka, zikhuluma ngami.

19. Ababeyizifuba zami bayanengwa yimi;labo ababengithanda sebengifulathele.

Ujobe 19