1. Wayesephendula uJobe, wathi:
2. “Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami,ningiphohloze ngamazwi, na?
3. Seningihlazisile kayishumi;aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?
4. Uma impela ngidukile,ukuduka kwami kukimi ngedwa.
5. Uma impela niyazikhukhumezela kimi,niphikisane nami ngehlazo lami,
6. yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele,ungihaqe ngenetha.
7. Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’Kepha angiphendulwa;ngicela ukusizwa,kodwa akukho ukwahlulelwa.
8. Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula;ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
9. Ungikhumulile udumo lwami;ususile umqhele ekhanda lami.
10. Ungidilizile nxazonke, sengimukile;usiphulile ithemba lami njengomuthi.
11. Ungivuthisele intukuthelo yakhe,wangishaya njengezitha kuye.
12. Amabutho akhe afika kanyekanye,alungise indlela ukuba angisukele;amisa nxazonke zetende lami.
13. “Udedisile kimi abafowethu,nabazana nami sebahlukene impela nami.
14. Izihlobo zami zingishiyile,nengazana nabo bangikhohliwe.