4. Wena ozidwengula olakeni lwakho,umhlaba uyakushiywa ngenxa yakho,nedwala lisuswe endaweni yalo, na?
5. Yebo, nokukhanya komubi kuyakucimeka,nelangabi lomlilo wakhe aliyikukhanya.
6. Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe,nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.
7. Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa;amasu akhe ayamlahla phansi.
8. Ngokuba uyaphonswa yizinyawo zakhe enetheni,uhamba phezu kweveku.
9. Isicupho siyakumbamba ngesithende;ifolo liyakumbamba.
10. Uthukuselwe inkintshela emhlabathini,nesihibe emgwaqweni.
11. Ingebhe iyakumethusa nxazonke;iyamzingela ezinyathelweni zakhe.
12. Ububi buyakumlambela,ulungiselwe ingozi eceleni kwakhe.
13. Amalungu omzimba wakhe ayakudliwa,yebo, ukufa okwesabekayo kuyakudla amalungu akhe.
14. Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo,ayiswe enkosini yengebhe.
15. Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe,kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.
16. Izimpande zakhe ziyakoma ngaphansi;phezulu kuyabuna amagatsha akhe.
17. Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni,angabi negama ezweni.
18. Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni,axoshwe ezweni.
19. Akayikuba nandodana namzukulwana phakathi kwabantu bakhe;akuyikuba khona lapho egogobala khona.