Ujobe 18:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Kungani ukuba sithiwe siyizilwane,singcolile emehlweni enu, na?

4. Wena ozidwengula olakeni lwakho,umhlaba uyakushiywa ngenxa yakho,nedwala lisuswe endaweni yalo, na?

5. Yebo, nokukhanya komubi kuyakucimeka,nelangabi lomlilo wakhe aliyikukhanya.

6. Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe,nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.

7. Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa;amasu akhe ayamlahla phansi.

8. Ngokuba uyaphonswa yizinyawo zakhe enetheni,uhamba phezu kweveku.

Ujobe 18