16. Izimpande zakhe ziyakoma ngaphansi;phezulu kuyabuna amagatsha akhe.
17. Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni,angabi negama ezweni.
18. Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni,axoshwe ezweni.
19. Akayikuba nandodana namzukulwana phakathi kwabantu bakhe;akuyikuba khona lapho egogobala khona.
20. Abasentshonalanga bayethuswa lusuku lwakhe,nabasempumalanga babanjwa ngukwesaba.
21. Impela zinjalo izindlu zaboni;injalo indawo engamazi uNkulunkulu.”