1. “Umoya wami usuchithekile, imihla yami iyacimeka;okwami sekuyithuna nje.
2. Impela kukhona abangiklolodelayo,iso lami lisekucunuleni kwabo.
3. Ake unginike isibambiso, ungimele;ngubani oyakuxhawulana nami na?
4. Ngokuba uvalile izinhliziyo zabo zingaqondi;ngalokho awuyikubaphakamisa.
5. Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo,amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.
6. Ungibeke isaga sabantu,ngibe ngokhafulelwa ebusweni.
7. Iso lami lifiphele ngosizi;onke amalungu ami anjengethunzi.
8. Abaqotho bayethuswa yilokho;ongenacala uyavukela ongenaNkulunkulu.
9. Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe;onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.