Ujobe 17:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Umoya wami usuchithekile, imihla yami iyacimeka;okwami sekuyithuna nje.

2. Impela kukhona abangiklolodelayo,iso lami lisekucunuleni kwabo.

3. Ake unginike isibambiso, ungimele;ngubani oyakuxhawulana nami na?

4. Ngokuba uvalile izinhliziyo zabo zingaqondi;ngalokho awuyikubaphakamisa.

5. Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo,amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.

6. Ungibeke isaga sabantu,ngibe ngokhafulelwa ebusweni.

7. Iso lami lifiphele ngosizi;onke amalungu ami anjengethunzi.

Ujobe 17