Ujobe 16:5-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Benginganiqinisa ngomlomo,induduzo yezindebe zami inidambise.

6. “Noma ngikhuluma,ubuhlungu bami abudanjiswanga;noma ngiyeka,kuyini okumuka kimi na?

7. Kepha manje ungikhathazile,uyichithile yonke indlu yami.

8. Ungicindezele, kungubufakazi;ukonda kwami kuyangivukela,kufakaze ebusweni bami.

9. Ulaka lwakhe luyangidwengula,lungizingele;uyangigedlela amazinyo;isitha sami singicijisela amehlo aso.

10. Bangikhamisela imilomo yabo,bangimukula esihlathini ngenhlamba,bangihlanganyela.

11. UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo,angiphonse esandleni sababi.

12. Ngangihlezi kahle, wangichoboza;wangibamba ngentamo,wangiphahlaza;wangimisa ngibe yisigcibisholo.

13. Abacibishelayo bakhe bangihaqa;uyaqhekeza izinso zami engenasihawu;uchithela inyongo yami emhlabathini.

14. Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi,angidumele njengeqhawe.

15. “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami.ngingcolisile uphondo lwami othulini.

16. Ubuso bami bubomvu ngokukhala;ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,

17. noma kungekho ubudlova ezandleni zaminokukhuleka kwami kulungile.

18. Mhlaba, ungathukusi igazi lami;ukukhala kwami makungabi nandawo.

19. Namanje bheka,ufakazi wami usezulwini;ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.

Ujobe 16