11. UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo,angiphonse esandleni sababi.
12. Ngangihlezi kahle, wangichoboza;wangibamba ngentamo,wangiphahlaza;wangimisa ngibe yisigcibisholo.
13. Abacibishelayo bakhe bangihaqa;uyaqhekeza izinso zami engenasihawu;uchithela inyongo yami emhlabathini.
14. Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi,angidumele njengeqhawe.
15. “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami.ngingcolisile uphondo lwami othulini.
16. Ubuso bami bubomvu ngokukhala;ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,
17. noma kungekho ubudlova ezandleni zaminokukhuleka kwami kulungile.
18. Mhlaba, ungathukusi igazi lami;ukukhala kwami makungabi nandawo.
19. Namanje bheka,ufakazi wami usezulwini;ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.
20. Abangane bami bayangiklolodela;iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu
21. ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulunendodana yomuntu kumakhelwane wayo.
22. Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa,ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.