Ujobe 16:11-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo,angiphonse esandleni sababi.

12. Ngangihlezi kahle, wangichoboza;wangibamba ngentamo,wangiphahlaza;wangimisa ngibe yisigcibisholo.

13. Abacibishelayo bakhe bangihaqa;uyaqhekeza izinso zami engenasihawu;uchithela inyongo yami emhlabathini.

14. Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi,angidumele njengeqhawe.

15. “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami.ngingcolisile uphondo lwami othulini.

16. Ubuso bami bubomvu ngokukhala;ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,

17. noma kungekho ubudlova ezandleni zaminokukhuleka kwami kulungile.

18. Mhlaba, ungathukusi igazi lami;ukukhala kwami makungabi nandawo.

19. Namanje bheka,ufakazi wami usezulwini;ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.

20. Abangane bami bayangiklolodela;iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu

21. ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulunendodana yomuntu kumakhelwane wayo.

22. Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa,ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.

Ujobe 16