1. Wayesephendula uJobe, wathi:
2. “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo;nina nonke ningabaduduzi ababi.
3. Amazwi angumoya nje awayikuphela yini?Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?
4. Nami ngingakhuluma njengani;uma imiphefumulo yenu ibisesikhundlenisomphefumulo wami,bengiyakuhlanganisa amazwi ngani,ngininikinele ikhanda lami.
5. Benginganiqinisa ngomlomo,induduzo yezindebe zami inidambise.
6. “Noma ngikhuluma,ubuhlungu bami abudanjiswanga;noma ngiyeka,kuyini okumuka kimi na?
7. Kepha manje ungikhathazile,uyichithile yonke indlu yami.
8. Ungicindezele, kungubufakazi;ukonda kwami kuyangivukela,kufakaze ebusweni bami.