Ujobe 15:7-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ungumuntu wokuqala owazalwayo na?Wavela ngaphambi kwezintaba na?

8. Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu,wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?

9. Wazini esingayazi thina na?Uqonda ntoni engekho kithina na?

10. Kithina kukhona izimpunga namakhehlaamadala kunoyihlo.

11. Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu,nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?

12. Umukiselwani yinhliziyo yakho na?Kungani ukuba amehlo akho aphayizele,

13. uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho,ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?

14. Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo,nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?

15. Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi,nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;

16. kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo,umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?

17. “Ngiyakukwazisa, ungilalele;ngiyakukulandisa engikubonileyo

18. lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile,zikuthathe koyise, zingakufihlanga,

Ujobe 15