Ujobe 15:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho;ukhetha ulimi lwabanobuqili.

6. Ngumlomo wakho okulahlayo,akusimi;izindebe zakho ziyafakaza ngawe.

7. Ungumuntu wokuqala owazalwayo na?Wavela ngaphambi kwezintaba na?

8. Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu,wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?

9. Wazini esingayazi thina na?Uqonda ntoni engekho kithina na?

10. Kithina kukhona izimpunga namakhehlaamadala kunoyihlo.

11. Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu,nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?

Ujobe 15