Ujobe 15:27-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe,wenza umvingqi okhalweni lwakhe.

28. Wahlala emizini ebiyakuchithwa,nasezindlini ebezingahlalwa,ezaziyakuba ngamanxiwa nje.

29. Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma,nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.

30. Akayikusuka ebumnyameni;ilangabi liyakushisa amagatsha akhe,amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.

31. Makangethembi ezeni, ezikhohlisa,ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.

32. Kuyakufezwa kungakabi yisikhathi,negatsha lakhe alisayikuba luhlaza.

33. Uyakuvuthulula igwanya lakhe njengomvini,alahle imbali yakhe njengomnqumo.

Ujobe 15