15. Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi,nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;
16. kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo,umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?
17. “Ngiyakukwazisa, ungilalele;ngiyakukulandisa engikubonileyo
18. lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile,zikuthathe koyise, zingakufihlanga,
19. zona ezaphiwa zodwa izwe,kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:
20. Umuntu omubi uyazibinya imihla yonke,umumo weminyaka othukuselwe isidlwangudlwangu.
21. Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe;lapho ehlezi kahle,uyakufikelwa ngumphangi.
22. Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni;uyalindelwa yinkemba.
23. Uyazulazulela ukudla: kuphi na?Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.
24. Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa;kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,
25. ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu,wazigabisa kuSomandla.