Ujobe 15:14-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo,nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?

15. Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi,nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;

16. kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo,umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?

17. “Ngiyakukwazisa, ungilalele;ngiyakukulandisa engikubonileyo

18. lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile,zikuthathe koyise, zingakufihlanga,

19. zona ezaphiwa zodwa izwe,kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:

20. Umuntu omubi uyazibinya imihla yonke,umumo weminyaka othukuselwe isidlwangudlwangu.

21. Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe;lapho ehlezi kahle,uyakufikelwa ngumphangi.

22. Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni;uyalindelwa yinkemba.

23. Uyazulazulela ukudla: kuphi na?Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.

24. Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa;kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,

25. ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu,wazigabisa kuSomandla.

Ujobe 15