Ujobe 15:12-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Umukiselwani yinhliziyo yakho na?Kungani ukuba amehlo akho aphayizele,

13. uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho,ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?

14. Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo,nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?

15. Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi,nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;

16. kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo,umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?

17. “Ngiyakukwazisa, ungilalele;ngiyakukulandisa engikubonileyo

18. lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile,zikuthathe koyise, zingakufihlanga,

19. zona ezaphiwa zodwa izwe,kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:

20. Umuntu omubi uyazibinya imihla yonke,umumo weminyaka othukuselwe isidlwangudlwangu.

21. Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe;lapho ehlezi kahle,uyakufikelwa ngumphangi.

22. Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni;uyalindelwa yinkemba.

23. Uyazulazulela ukudla: kuphi na?Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.

24. Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa;kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,

25. ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu,wazigabisa kuSomandla.

26. Wamdumela ngentamo elukhuni,nangamaqhubu adumbileyo amahawu akhe,

27. ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe,wenza umvingqi okhalweni lwakhe.

28. Wahlala emizini ebiyakuchithwa,nasezindlini ebezingahlalwa,ezaziyakuba ngamanxiwa nje.

29. Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma,nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.

30. Akayikusuka ebumnyameni;ilangabi liyakushisa amagatsha akhe,amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.

Ujobe 15