Ujobe 15:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:

2. “Ohlakaniphileyo uyakuphendulangokwazi okungumoya nje,agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?

3. Aphikisane ngamazwi angasizilutho nangezinkulumo ezingenalusizo na?

4. Yebo, uyachitha ukwesaba,unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.

5. Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho;ukhetha ulimi lwabanobuqili.

6. Ngumlomo wakho okulahlayo,akusimi;izindebe zakho ziyafakaza ngawe.

7. Ungumuntu wokuqala owazalwayo na?Wavela ngaphambi kwezintaba na?

Ujobe 15