Ujobe 15:1-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:

2. “Ohlakaniphileyo uyakuphendulangokwazi okungumoya nje,agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?

3. Aphikisane ngamazwi angasizilutho nangezinkulumo ezingenalusizo na?

4. Yebo, uyachitha ukwesaba,unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.

5. Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho;ukhetha ulimi lwabanobuqili.

6. Ngumlomo wakho okulahlayo,akusimi;izindebe zakho ziyafakaza ngawe.

7. Ungumuntu wokuqala owazalwayo na?Wavela ngaphambi kwezintaba na?

8. Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu,wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?

9. Wazini esingayazi thina na?Uqonda ntoni engekho kithina na?

10. Kithina kukhona izimpunga namakhehlaamadala kunoyihlo.

11. Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu,nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?

12. Umukiselwani yinhliziyo yakho na?Kungani ukuba amehlo akho aphayizele,

13. uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho,ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?

14. Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo,nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?

Ujobe 15