7. “Ngokuba kukhona ithemba emthini:uma unqunywa, ungabuye uhlume,nehlumela lawo aliyikuphela.
8. Noma impande yawo iguga emhlabathini,nesiphunzi sawo sifela othulini,
9. ngephunga lamanzi uyakuhluma,uveze izingatsha njengesithombo.
10. Kepha umuntu ofileyo uphelile;umuntu ogqabukileyo uphi na?
11. Njengamanzi anyamalele elwandle,nomfula oshileyo ome,
12. kanjalo umuntu ulala phansi,angabe esavuka;lize lingabikho izulu abayikuvuka,bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.
13. Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo,ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho,unginqumele isikhathi,ungikhumbule.
14. Uma umuntu efa,uyakubuye aphile na?Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami,kuze kufike ukumuka kwami.