4. Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukhookungcolileyo na?Kakho noyedwa.
5. Uma imihla yakhe inqunyiwe,umumo wezinsuku zakhe ukuwe,ubekile umkhawulo wakhe,aze angadluli,
6. ungambheki, aphumule,ukuze athokoze ngosuku lwakhe njengomqashwa.
7. “Ngokuba kukhona ithemba emthini:uma unqunywa, ungabuye uhlume,nehlumela lawo aliyikuphela.
8. Noma impande yawo iguga emhlabathini,nesiphunzi sawo sifela othulini,
9. ngephunga lamanzi uyakuhluma,uveze izingatsha njengesithombo.
10. Kepha umuntu ofileyo uphelile;umuntu ogqabukileyo uphi na?
11. Njengamanzi anyamalele elwandle,nomfula oshileyo ome,
12. kanjalo umuntu ulala phansi,angabe esavuka;lize lingabikho izulu abayikuvuka,bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.