15. Ubuyakubiza, mina ngiphendule;ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho,
16. yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami,ungaqapheli isono sami.
17. Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni,besewusibekela ukona kwami.
18. “Impela intaba iyawa, idilike;idwala liyasuswa endaweni yalo;
19. amanzi ayagubha amatshe;ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba;kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.
20. Uyamsukela kuze kube phakade,amuke;uyaguqula ubuso bakhe, ummukise.
21. Amadodana akhe ayadunyiswa,engazi yena;ayeyiswa, engakuqondi.
22. Inyama yakhe iyezwa ubuhlungu bayo kuphela;umphefumulo wakhe uzidabukela wona kuphela.”