Ujobe 14:12-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. kanjalo umuntu ulala phansi,angabe esavuka;lize lingabikho izulu abayikuvuka,bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.

13. Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo,ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho,unginqumele isikhathi,ungikhumbule.

14. Uma umuntu efa,uyakubuye aphile na?Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami,kuze kufike ukumuka kwami.

15. Ubuyakubiza, mina ngiphendule;ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho,

16. yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami,ungaqapheli isono sami.

17. Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni,besewusibekela ukona kwami.

18. “Impela intaba iyawa, idilike;idwala liyasuswa endaweni yalo;

19. amanzi ayagubha amatshe;ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba;kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.

20. Uyamsukela kuze kube phakade,amuke;uyaguqula ubuso bakhe, ummukise.

21. Amadodana akhe ayadunyiswa,engazi yena;ayeyiswa, engakuqondi.

22. Inyama yakhe iyezwa ubuhlungu bayo kuphela;umphefumulo wakhe uzidabukela wona kuphela.”

Ujobe 14