9. Kuhle yini, lapho eniphendla?Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?
10. Uyakunisola nokunisola,uma nivuna ubuso ngasese.
11. Ubukhulu bakhe abuyikunethusa,nengebhe ngaye inehlele, na?
12. Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha;izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.
13. “Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume,kungehlele noma yini.
14. Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami,ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?
15. Bheka, uyakungibulala,anginathemba;nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.
16. Lokhu kuyakuba yinsindiso yamiukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.
17. Zwisisani amazwi ami,ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.
18. Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami;ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.
19. Ngubani oyakuphikisana nami na?Ngokuba lapho bengiyakuthula,ngigqabuke.
20. Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi,ngize ngingacasheli ubuso bakho:
21. masingasondeli kimi isandla sakho,ngingethuswa yingebhe ngawe.