Ujobe 13:9-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Kuhle yini, lapho eniphendla?Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?

10. Uyakunisola nokunisola,uma nivuna ubuso ngasese.

11. Ubukhulu bakhe abuyikunethusa,nengebhe ngaye inehlele, na?

12. Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha;izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.

13. “Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume,kungehlele noma yini.

14. Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami,ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?

15. Bheka, uyakungibulala,anginathemba;nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.

16. Lokhu kuyakuba yinsindiso yamiukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.

17. Zwisisani amazwi ami,ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.

Ujobe 13