8. Niyakubuvuma ubuso bakhe,nimmele uNkulunkulu, na?
9. Kuhle yini, lapho eniphendla?Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?
10. Uyakunisola nokunisola,uma nivuna ubuso ngasese.
11. Ubukhulu bakhe abuyikunethusa,nengebhe ngaye inehlele, na?
12. Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha;izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.
13. “Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume,kungehlele noma yini.
14. Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami,ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?
15. Bheka, uyakungibulala,anginathemba;nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.
16. Lokhu kuyakuba yinsindiso yamiukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.
17. Zwisisani amazwi ami,ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.
18. Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami;ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.
19. Ngubani oyakuphikisana nami na?Ngokuba lapho bengiyakuthula,ngigqabuke.
20. Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi,ngize ngingacasheli ubuso bakho:
21. masingasondeli kimi isandla sakho,ngingethuswa yingebhe ngawe.