Ujobe 13:2-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Enikwaziyo ngiyakwazi nami;angahlulwa yinina.

3. Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla;ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu.

4. Kepha ningabaqambimanga;niyizinyanga ezingelutho nonke.

5. Sengathi ningathula nokuthula,lokho kube ngukuhlakanipha kini.

6. Ake nizwe ukuthetha kwami,niqaphele ukuzivikela kwezindebe zami.

7. Niyakumkhulumela uNkulunkulu ngokubi,nimkhulumele ngenkohliso, na?

8. Niyakubuvuma ubuso bakhe,nimmele uNkulunkulu, na?

9. Kuhle yini, lapho eniphendla?Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?

10. Uyakunisola nokunisola,uma nivuna ubuso ngasese.

11. Ubukhulu bakhe abuyikunethusa,nengebhe ngaye inehlele, na?

12. Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha;izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.

13. “Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume,kungehlele noma yini.

14. Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami,ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?

15. Bheka, uyakungibulala,anginathemba;nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.

16. Lokhu kuyakuba yinsindiso yamiukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.

Ujobe 13