Ujobe 13:18-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami;ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.

19. Ngubani oyakuphikisana nami na?Ngokuba lapho bengiyakuthula,ngigqabuke.

20. Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi,ngize ngingacasheli ubuso bakho:

21. masingasondeli kimi isandla sakho,ngingethuswa yingebhe ngawe.

22. Khona mawubize, mina ngiyakuphendula,noma kukhulume mina,wena ungiphendule.

23. Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na?Ngazise izeqo zami nezono zami.

24. Usithelani ubuso bakho,ungishaye isitha, na?

25. Uyakwethusa iqabunga eliphephethwayo,uxoshe amabibi awomileyo, na?

26. Ngokuba uloba okumunyu ngami,ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;

27. ufaka izinyawo zami ezingongolweni,uqaphela zonke izindlela zami,uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,

28. noma nginyamalala njengokubolayo,njengengubo edliwe yizinundu.

Ujobe 13