Ujobe 13:12-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha;izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.

13. “Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume,kungehlele noma yini.

14. Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami,ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?

15. Bheka, uyakungibulala,anginathemba;nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.

16. Lokhu kuyakuba yinsindiso yamiukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.

17. Zwisisani amazwi ami,ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.

18. Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami;ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.

19. Ngubani oyakuphikisana nami na?Ngokuba lapho bengiyakuthula,ngigqabuke.

20. Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi,ngize ngingacasheli ubuso bakho:

21. masingasondeli kimi isandla sakho,ngingethuswa yingebhe ngawe.

22. Khona mawubize, mina ngiyakuphendula,noma kukhulume mina,wena ungiphendule.

23. Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na?Ngazise izeqo zami nezono zami.

24. Usithelani ubuso bakho,ungishaye isitha, na?

25. Uyakwethusa iqabunga eliphephethwayo,uxoshe amabibi awomileyo, na?

Ujobe 13