Ujobe 13:12-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha;izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.

13. “Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume,kungehlele noma yini.

14. Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami,ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?

15. Bheka, uyakungibulala,anginathemba;nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.

16. Lokhu kuyakuba yinsindiso yamiukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.

17. Zwisisani amazwi ami,ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.

18. Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami;ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.

19. Ngubani oyakuphikisana nami na?Ngokuba lapho bengiyakuthula,ngigqabuke.

20. Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi,ngize ngingacasheli ubuso bakho:

21. masingasondeli kimi isandla sakho,ngingethuswa yingebhe ngawe.

22. Khona mawubize, mina ngiyakuphendula,noma kukhulume mina,wena ungiphendule.

23. Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na?Ngazise izeqo zami nezono zami.

Ujobe 13