1. “Bheka, iso lami libone konke;indlebe yami ikuzwile, yakuqonda.
2. Enikwaziyo ngiyakwazi nami;angahlulwa yinina.
3. Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla;ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu.
4. Kepha ningabaqambimanga;niyizinyanga ezingelutho nonke.
5. Sengathi ningathula nokuthula,lokho kube ngukuhlakanipha kini.