2. “Impela yinina eningabantu;ukuhlakanipha kuyakufa nani.
3. Kodwa nami nginengqondo njengani,angahlulwa yinina;ngubani ongazazi izinto ezinje na?
4. Ngiyisigcono somngane wami,ngowambiza uNkulunkulu,waphendula;olungileyo nongenasici uyisigcono.
5. Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka;kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.
6. Amatende abacindezelayo anokuthula;abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka,abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.
7. Kepha mawubuze izinkomo,ziyakukufundisa,nezinyoni zezulu, ziyakukutshela.
8. Khuluma kuwo umhlaba,uyakukufundisa,nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.
9. Ngubani ongaziyo ngakho konke lokhoukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?