Ujobe 12:10-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo,nomoya wenyama yabantu bonke.

11. Indlebe ayivivinyi yini amazwi,njengolwanga lunambitha ukudla, na?

12. Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha,nasebudeni bezinsuku ukuqonda.

13. “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla;unesu nokuqonda.

Ujobe 12