Ujobe 12:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesephendula uJobe, wathi:

2. “Impela yinina eningabantu;ukuhlakanipha kuyakufa nani.

3. Kodwa nami nginengqondo njengani,angahlulwa yinina;ngubani ongazazi izinto ezinje na?

4. Ngiyisigcono somngane wami,ngowambiza uNkulunkulu,waphendula;olungileyo nongenasici uyisigcono.

5. Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka;kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.

6. Amatende abacindezelayo anokuthula;abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka,abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.

Ujobe 12