Ujobe 12:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesephendula uJobe, wathi:

2. “Impela yinina eningabantu;ukuhlakanipha kuyakufa nani.

3. Kodwa nami nginengqondo njengani,angahlulwa yinina;ngubani ongazazi izinto ezinje na?

4. Ngiyisigcono somngane wami,ngowambiza uNkulunkulu,waphendula;olungileyo nongenasici uyisigcono.

5. Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka;kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.

6. Amatende abacindezelayo anokuthula;abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka,abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.

7. Kepha mawubuze izinkomo,ziyakukufundisa,nezinyoni zezulu, ziyakukutshela.

8. Khuluma kuwo umhlaba,uyakukufundisa,nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.

9. Ngubani ongaziyo ngakho konke lokhoukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?

10. Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo,nomoya wenyama yabantu bonke.

Ujobe 12