Ujobe 11:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha,ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi,uze wazi ukuthi uNkulunkulu,ukuba kube kuhle kuwe,wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.

7. “Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na?Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?

8. Kuphakeme njengezulu -- ungenzani na?Kujulile kunendawo yabafileyo -- ungazini na?

9. Isilinganiso sakho side kunomhlaba,sibanzi kunolwandle.

10. Uma edlula, avalele,abizele ekwahluleleni,ngubani ongamkhalima na?

11. Ngokuba uyabazi abantu ababi;lapho ebona ukona, akayikukunaka na?

12. Umuntu oyize uyakuba nengqondo,nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.

Ujobe 11