14. uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho,ungahlalisi ububi ematendeni akho,
15. khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,uqine, ungesabi.
16. Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho,ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.
17. Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini;noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.
18. Uyakuba nokwethemba,ngokuba ithemba likhona;uyakuphendla,ulale ngokulondeka.
19. Uyakulala, ungethuswa muntu;abaningi bayakuzincengela kuwe.
20. Kepha amehlo ababi ayakufiphala;abayikuba nandawo yokuphephela;ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”