1. Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:
2. “Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na?Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?
3. Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na?Nalapho ukloloda,akakho ongakuhlaza na?
4. Ngokuba uthi:‘Ukufundisa kwami kulungile;ngimhlophe emehlweni akho.’
5. Sengathi uNkulunkulu angakhuluma,akuvulele izindebe zakhe,
6. akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha,ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi,uze wazi ukuthi uNkulunkulu,ukuba kube kuhle kuwe,wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.
7. “Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na?Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?
8. Kuphakeme njengezulu -- ungenzani na?Kujulile kunendawo yabafileyo -- ungazini na?
9. Isilinganiso sakho side kunomhlaba,sibanzi kunolwandle.