Ujobe 10:6-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. lokhu ufuna ukona kimi,ufunisisa isono sami,

7. noma ukwazi ukuthi angimubinokuthi akakho ongophula esandleni sakho.

8. Izandla zakho zingibumbile,zangenza ngokupheleleyo nxazonke;nokho uyangichitha.

9. Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba;pho, uyakungibuyisela othulini na?

10. Awungithululanga njengobisi,wangijiyisa njengoshizi,* na?

11. Awungembathisanga isikhumba nenyama,wangiphica ngamathambo nangemisipha, na?

Ujobe 10