15. Uma nginecala, maye kimi!Noma bengilungile,bengingayikuphakamisa ikhanda lami,lokhu ngisuthi ngehlazo,ngibona ukuhlupheka kwami.
16. Nokuba bengiziphakamisa,ubuyakungizingela njengengonyama,ubuye uzenze omangalisayo kimi.
17. Ubuyakuletha kimi ofakaziabasha, wandise intukuthelo yakhokimi, amabandla ngamabandlaangisukele.
18. “ ‘Ungikhipheleni esizalweni na?Ngangiyakugqibuka lingakangiboni iso,
19. ngibe njengokungathi ngingekho,ngiyiswe ethuneni ngisaphuma esiswini.
20. Imihla yami ayiyingcosana na?Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,
21. ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona,izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa,